UMbalula uthathane nomsakazi wezemidlalo ezinkundleni zokuxhumana

2017-03-01 19:31

Durban - Kube muncu ezinkundleni zokuxhumana uNgqongqoshe wezeMidlalo nezokuNgcebeleka uFikile Mbalula ethathana nomsakazi wezemidlalo uRobert Marawa kuTwitter.

Laba bobabili bebexabana kanjena bebanga udaba lwamaCommon Wealth Games kulandela imibiko kuyokuthi ingahle ingabanjelwa eThekwini le midlalo ngenxa yokungabibikho kwemali.

Lokhu akwehlanga kahle ebantwini abaningi kwazise ukuthi le midlalo ibizoqinisa umnotho waleli dolobha kuphinde kudaleke namathuba emisebenzi.

OLUNYE UDABA:UMbalula ushiye angalazi ephoxa umrepha

UMarawa uhlulekile wukuzibamba wadlulisa ukudumala kwakhe ngalokhu, kodwa amagama akhe awehlanga kahle kuNgqongqoshe ongazange ananaze ngokumphendula.

UMarawa ubegxeka uNgqongqoshe noMnyango wakhe ngokuthi bagcwele ukudlala esikhundleni sokuba baqinisekise ukuthi umsebenzi uhamba ngendlela, kubika iSolezwe.

UNgqongqoshe uthathe le nkulumo njengehlabayo ngoba ethi uMarawa unamagqubu yingakho ekhuluma kanje esidlangalaleni.

UMbalula uze waveza ukuthi ngabe kudala uMarawa axoshwa emsebenzini wakhe esiteshini iMetro FM.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...