UMbalula unxusa abalandeli ukuba basaphothe iDowns

2016-12-08 10:00

Cape Town – UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula ufisela iMamelodi Sundowns okuhle emqhudelwaneni we-FIFA Club World Cup obanjelwe eJapan. 

"Iqembu iMamelodi Sundowns selikukhombisile ukuthi lingomakhonya e-Afrika. Leli ngelinye ithuba lokuba bakhombise umhlaba ukuthi anjani amaligi asezwenikazi i-Afrika, ikakhulukazi eNingizimu Afrika.”

Njengoba bezobe bedlala kulo mqhudelwano womhlaba bazobe bengamele nje kuphela iqembu kodwa izwe lonke, kusho uMbalula.

OLUNYE UDABA: Ngeke isakazwe kuSuperSport nakuSABC eyeDowns

“Ngithembisa ngokuliseka ngokugcwele iqembu kanye nomqeqeshi walo njengoba beqhubeka nokujabulisa izwe, kusho uMbalula.

IMamelodi Sundowns izodlala umdlalo wayo wokuqala kulo mqhudelwano ngeSonto.

UMbalula uphinde wanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba bame neqembu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IStars isisayine obengumgadli weChiefs

Emizuzwini eyi-46 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-13°C Sunny. Cool. Bloem: 1-15°C Morning clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 13-15°C Rain showers. Morning clouds. Cool. PE: 8-16°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...