Umataniswa neDikwena umqeqeshi ofuna ukushiya iqembu lakhe

2017-06-12 12:30

Johannesburg - Umqeqeshi waseBelgium uLuc Eymael sekuvele ukuthi uyena osethubeni elihle lokuthatha izintambo zokuqeqesha iPlatinum Stars.

Izintambo okwamanje zibanjwe uWillem Jackson kwiStars kulandela ukuhamba kukaCavin Johnson ngasekuqaleni kwenyanga.

Ngokusho kwemithombo esondelene neDikwena, ukuza kuka-Eymael eRustenburg kuncike ekutheni iPolokwane City iyamdedela yini njengoba enenkontileka nayo.

OLUNYE UDABA: Ele-PSL lithi lisamfuna umqeqeshi elinqamule inkontileka yakhe

U-Eymael usaqhubeka nemizamo yokuba iRise and Shine imdedele kulandela ukuba ezame ukwesula wajoyina iBloemfontein Celtic ngasekupheleni kwesizini ka-2016/17 kodwa iPSL yathi kumele abuyele kuleli qembu.

"U-Eymael uyimfivilithi,” kusho umthombo.

"Okubambile yisimo akusona nePolokwane City. Uma ekwazile ukwenza iPolokwane City imdedele, uzoba ngumqeqeshi olandelayo wePlatinum Stars," kuqhuba umthombo.

- KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...