Umataniswa nawase-Europe oweDowns

2016-08-16 19:04

Johannesburg - Ngokwemibiko yaseFrance, iqembu elidlalelwa uKermit Erasmus eFrance, iStade Rennais, lifuna umdlali weMamelodi Sundowns uKeagan Dolly.

Lo mdlali weSundowns uyinyama kulezi zinsuku kulandela ukudlala kahle kwakhe ngesizini edlule nangendlela adlale ngayo kuma-Olympic, njengba kukholakala ukuthi maningi amaqembu amgaqele e-Europe.

Funda nalolu daba: I-Ajax inike ithuba ababedlalela iPirates

Abezindaba baseGreec nabo babike ukuthi i-Olympiacos izimisele ngokusayinisa lo mdlali weBafana Bafana oneminyaka engu-23 ubudala.

UMohamed Bouhafsi weRMC Sport uthi lo mdlali weBafana ufunwa yiqembu eligijima kuLigue 1 ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokuthengwa kwabadlali emasontweni ezayo, kubika iSoccerLaduma.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...