UMasuluke noTshabalala yibona abazolwela indondo yenqaku lesizini

2017-07-07 14:01

Durban - Asengenile amavoti kanti uSiphiwe Tshabalala no-Oscarine Masuluke yibona abaphakanyiselwe eyamagoli ahambe phambili kule sizini.

Laba badlali bavotelwe wumphakathi ngomkhankaso we-PSL wabadlali okuyibona abashaye amagoli amathathu amahle kule sizini.

Amagoli akhethiwe yilawa; elokuqala ngelikaSiphiweTshabalala (Kaizer Chiefs vs SuperSport United, 29 Ephreli 2017), elesibili ngelakhe futhi uTshabalala (Kaizer Chiefs vs Free State, 07 Febhuwari 2017) elesithathu ngelika-Oscarine Masuluke (Baroka FC vs Orlando Pirates, 30 Novemba 2017).

OLUNYE UDABA:Komphela: Kumele ajeze umqeqeshi we-Acornbush

Abathandi bebhola banikwa isikhathi esingangamasonto amathathu ukuvotela amagoli abawathandile kanti usekhethiwe nomthandi webhola owine amathikithi okuya emcimbini wama-PSL Awards ngomhlaka-12 kwephezulu.

Umlandeli owinile nguThomas Motsie waseKatlehong, uhlabane nge-Absa VIP Experience kanti uyena ozonikezela ngendondo ye-Goal of the Season kumdlali ophume phambili.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sprinkles late. Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...