UMashaba uhlulekile ukuvimbela ukuqokwa komqeqeshi omusha weBafana

2017-02-21 14:00

Cape Town – Obengumqeqeshi weBafana Bafana, uShakes Mashaba, usekhale ngaphansi eNkantolo yezabaSebenzi emizwamweni yokuvimbela inhlangano yebhola kuleli, iSouth Africa Football Association (SAFA) ukuthi iqoke umqeqeshi omusha weqembu lesizwe.

Ngokombiko we-SowetanLIVE, lo mqeqeshi oneminyaka engu-66 ubudala ubefuna ukuthi le nhlangano yebhola ingalokothi iqoke umqeqeshi omusha kuze kube kuphuma isinqumo ngomdonsiswano oqhubekayo phakathi kwakhe neSAFA.

UMashaba wadlulisela udaba lokuxoshwa kwakhe kuCommission for Conciliation‚ Mediation and Arbitration (CCMA), njengoba ekhala ngokuthi abuzange bube khona ubulungiswa.

OLUNYE UDABA: ISAFA imise umqeqeshi weBafana Bafana

UMashaba wakhonjwa indlela njengomqeqeshi weBafana Bafana ngoDisemba wangonyaka odlule ngemuva kokuthi ikomiti eliqondisa izigwegwe lamthola enecala lokuthuka esidlangalaleni izikhulu zeSAFA ngoNovemba.

Okhulumela iSAFA, uDominic Chimhavi, usedalule ukuthi uhlelo lokuthola uMashaba enecala lwaluvulelekile.

“Besilokhu sisho ukuthi senza yonke into ngendlela ngesikhathi ethokala enamacala amathathu yisigcawu sokuqondisa izigwegwe seSAFA,” kusho uChimhavi.

“Uhlelo lwaluvulelekile, luzimele futhi lunobulungiswa kuzo zombili izinhlangothi. Empeleni, uMashaba wayemelwe abameli bakhe futhi ngaphambi kokuthi uhlelo luqale, wacela ukuhlehlisa kabili ngoba babefuna amaphepha athile kusoseshini, esawanikezela.”

Ngesonto eledlule, iSAFA ikhiphe isitatimende iqinisekisa uhlu olufinyeziwe lwabaqeqeshi abayisikhombisa okunguRoberto Mancini, uGiovanni Trapattoni, uHassan Shehata, uHugo Brooks, uSamson Siasia, uLothar Matthaus kanye noBernd Schuster.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...