UMashaba ne-SAFA bagcine befinyelele esivumelwaneni

2017-06-03 09:01

Johannesburg – Lowo obengumqeqeshi weBafana Bafana, uShakes Mashaba, kanye neSouth African Football Association bakwazile ukufinyelela esivumelwaneni kuleli cala ebeselikwa-CCMA.

Lokhu kulandela ukuthi uMashaba akhalaza ngendlela i-SAFA eyamxosha ngayo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kubika iSoccer Laduma.

Ngemuva kokukhomba indlela uMashaba yabe isiqoka umqeqeshi omusha, uStuart Baxter, ukuba acije iBafana, yize ababehambisana noMashaba babelwela ukuthi abuyiselwe emsebenzini.

UMashaba, 66, wabe esedlulisela udaba lwakhe ku-CCMA ngemuva kokuhluleka ukuxoxisana ne-SAFA, kanti manje sekuqinisekisiwe ukuthi lolu daba seluphothuliwe.

OLUNYE UDABA: UMashaba uzingelwa amaqembu ase-Afrika

Lowo obemele uMashaba kulezi zingxoxo uClaudio Bollo uthe uMashaba ujabule kakhulu ngemiphumela yalezi zingxoxo.

Kunemibiko ehlawumbisela ukuthi isivumelwano esenziwe uMashaba ne-SAFA sibandakanya imali elinganiselwa ku-R2.5 million. Nokho le mibiko ayizange iqinisekiswe.

I-SAFA yakhomba indlela uMashaba ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule emuva kokuba elahlwe yicala lokuhluleka wukuziphatha.

UMashaba wenqaba ukuxhawula umengameli we-SAFA uDanny Jordaan kubuka izwe lonke emuva kokuba iBafana ihlule iSenengal ngo-2-1 kowokuhlungela ukungena kweyeNdebe yoMhlaba.

UMashaba wazeseka ngokuthi athi izikhulu ze-SAFA zazimcindezela skepha manje sezizomhalalisela.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...