UMasango akaphumeli obala ngeChiefs

2017-06-29 11:00

Durban - Akafuni ukuphumela obala ngokufunwa yiKaizer Chiefs uMandla Masango obebolekiswe yiRanders FC yaseDenmark kwiSuperSport United esonge isizini ngenothi elihle ithela ngehlazo lika-4-1 i-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup ngeledlule eThekwini.

Phambilini ILANGA libike ukuthi, uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs uzama ngakho konke okusemandleni ukubuyisa lo mdlali eNaturena. UMasango ushiye kwiChiefs kumasizini amabili adlule emuva kokungavumelani ngenkontileka entsha.

Ubuyele kuleli emuva kokuba uStuart Baxter emnxuse ukuba ajoyine iSuperSport. UBaxter noMasango banobudlelwano obuhle njengoba bebeyibambe ndawonye kwiChiefs abayishiye kanye kanye. UBaxter usejoyine iBafana Bafana.

OLUNYE UDABA: Udunguza ebumnyameni ngekusasa lakhe uMasango

Isikhundla sakhe sesithathwe ngu-Eric Tinkler kwiSuperSport.

Ekhuluma neLANGA emuva komdlalo neBucs uMasango uthe: "Kakukho engingakukhuluma ngendaba yamakilabhu angifunayo. Konke kulele kwiRanders ngoba ngisengowayo. Yiyona engibolekise kwiSuperSport. Ngizozwa ngayo ukuthi kuzokwenzekani."

Uqhube ngokuncoma kakhulu uBaxter ajatshuliswa nawukuthi uyakholelwa kuyena. Uthi ubheke ukuthi lo mqeqeshi uzoqhubeka nokumethemba njengoba esekwiBafana, ambuyisele kulesi sikwati esizokuba nemidlalo emqoka ngoMandulo (Septhemba) yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo eRussia.

UMasango ufulathele iNingizimu Afrika ngoMsombuluko ekuseni esebuyela kwiRanders.

UStanley "Stan" Matthews oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport utshele ILANGA ukuthi basamdinga kakhulu lo mdlali ngesizini ezayo.

"Ngilindele iRanders ukuba iphumele obala ngoMasango ukuthi isazosiboleka yini noma iyamudayisa. Kumele ngazi ngesonto elizayo ngodaba lwakhe.

"Yingakho ngemuva komdlalo bekumqoka ukuthi abuyele ngokushesha kwiRanders ngokwesivumelwano sethu," kusho uMatthews.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...