UManyisa uthi kuyamthokozisa ukubuyela ejokeni

2016-05-04 13:28

Johannesburg – Ukaputeni we-Orlando Pirates, u-Oupa Manyisa, uthi ujabule kakhulu njengoba eseqalile ukuzilolonga ngokugcwele neqembu.

Lokhu kulandela isikhathi eside engabonakali enkundleni ngenxa yokulimala.

“Ngijabule kakhulu ngokubuyela enkundleni. Bese ngikuhalele isikhathi eside ukubuyela ejokeni,” kusho uManyisa ekhuluma neKickOff.com ngesikhathi kwethulwa i-2016 Carling Black Label Cup.

OLUNYE UDABA: Silindeleke kusasa isinqumo ngo-Oupa Manyisa

U-‘Ace’ wagcina ukubonakala enkundleni ngomhlaka-22 Septhemba bedlala nePolokwane City.

“Ngizocathula kancane kancane, angijahe ndawo,” esho.

UManyisa uthe unethemba lokuthi kuzofika umdlalo weCarling Black Label Cup esekulungele ukudlala.


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-18°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-26°C Sunny. Mild. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...