UManyisa noMemela ngeke badlale kowe-United

2016-11-01 13:31

Cape Town – Iqembu i-Orlando Pirates selikuqinisekisile ukuthi abadlali balo ababili, u-Oupa Manyisa kanye noLuvuyo Memela, angeke babe khona emdlalweni we-Absa Premiership uma ngabe leli qembu selibhekene neSuperSport United ngoLwesibili.

La badlali basesiswini bebengekho emdlalweni wamaBhakabhaka ngenkathi ebhekene nezimbangi ezinkulu, iKaizer Chiefs, ngoMgqibelo ngenxa yokuphathwa amahlaba.

Esitatimendeni esibhalwe yileli qembu, kwi-website yalo lidalule ukuthi laba dlali angeke baye eMbombela Stadium, uma ngabe leli qembu selibhekene nezikaStuart Baxter.

OLUNYE UDABA: Owe-Pirates uchaza ngokuthi kungani ayethanda iChiefs

“Ukaputeni u-Oupa Manyisa kanye noLuvuyo Memela, abazange bahambe neqembu njengoba besalulama esigamekweni esinzima sezinhlungu esiswini,” kubeka leli qembu esitatimendeni.

Liqhube lathi lezi zinhlungu yizo kanye lezi ezenze ukuthi la badlali bangabi khona emdlalweni womkhaya baseSoweto ngenkathi amaBhakabhaka ebhekene neKaizer Chiefs ngoMgqibelo.

Khonamanjalo, leli qembu liphinde laveza ukuthi bayalulama nabanye abadlali balo abalimele, okunguGladwin Shitolo, uNkosinathi Mthiyane, u-Ayanda Nkosi kanye nonozinti, uSiyabonga Mpontshane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-20°C Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...