UManyama uwine indondo ye-Lesley Manyathela Golden Boot

2017-05-29 11:02

Cape Town – Ukaputeni weCape Town City FC, uLebogang Manyama, ukhale wemuka nendondo ebigaqelwe abaningi yeLesley Manyathela Golden Boot  kunyaka ka-2016/17.

Le ndondo etholwa umdlali oshaye amagoli amaningi kuPremeiership iza ngemuva kwesizini enhle lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala abe nayo eyedwa kanye neqembu.

Kule sizini yawo obekungeyokuqala selokhu abunjwa, amaCitizens amangaze abaningi nalapho uManyama eholele leli qembu ekutheni lithathe isicoco seTelkom Knock Out laphinde laqeda lisendaweni yesithathu ku-log ye-Absa Premiership.

Lo mdlali weBafana Bafana ubhincisele nxanye umgadli we-Orlando Pirates, uTendai Ndoro, ngokuvalela enethini amagoli angu-13 waphinde wasiza ekwakhiweni kwamagoli angu-29.

OLUNYE UDABA: 

UNdoro wayehamba phambili kwabazowina le ndondo ngokushaya amagoli angu-11 emidlalweni engu-12, kodwa wahluleka wancama ukuqhubeka nomgqigqo wakhe engxenyeni yesibili yesizini.

UManyama, nowaphekwa esikoleni sokufundisa ibhola se-Ajax Cape Town usevele usehlabane ngendondo yokuba ngumdlali ovelele kuCity kanti uyimfivilithi ekunqobeni indondo yomdlali wePSL ovelele kwisizini.

ABAHAMBA PHAMBI NGAMAGOLI

13 - Lebogang Manyama (Cape Town City FC)

12 - Tendai Ndoro (Orlando Pirates)

9 - Gabadinho Mhango (Bidvest Wits), Rodney Ramagalela (Polokwane City)

8 - Jeremy Brockie (SuperSport United), Khama Billiat (Mamelodi Sundowns), Rhulani Manzini (Chippa United), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns)

7 - Jabu Maluleke (Polokwane City), Lehlohonolo Majoro (Cape Town City FC)

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...