UManyama noSingh babizelwe kuBafana

2017-03-09 13:12

Cape Town – Yize noma iqembu lesizwe kuleli linganaye umqeqeshi, selimenyezelwe iqembu leBafana Bafana yilowo ongumsizi kamqeqeshi u-Owen da Gama.

Njengoba engakabbikho ongene esikhaleni sikaShakes Mashaba uDa Gama uyena othathe umsebenzi wokukhetha iqembu njengoba iSouth Africa Football Association (SAFA) isiqhubeka nokufuna umqeqeshi omusha.

OLUNYE UDABA: UMashaba ukhulule abadlali abathathu beSundowns kwiBafana

INingizimu Afrika izodlala neGuinea-Bissau ngomhlaka-25 kuMashi enkundleni yezemidlalo, iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Leli qembu lesizwe lizobe selidlala umdlalo wobungani emdlalweni wobungani ozokube ungomhlaka-28 kuMashi enkundleni engakaqinisekiswa.

Khonamanjalo, lesi sikwadi sizohlangana ngomhlaka-19 kuMashi eGoli ngaphambi kokuba lithathe uhambo olubheke eThekwini ngosuku olulandelayo. 

Ngaphambi komdlalo wabo neGuinea-Bissau, izodlala imidlalo emibili yokuziqeqesha neGolden Arrows kanye neThanda Royal Zulu ngomhlaka-22 kuMashi.

Nasi isikwadi esiphelele seBafana Bafana:

Onozinti: Khune, Keet, Walters.

Abasemuva: Mphahlehle, Coetzee, Hlatshwayo, Mathoho, Gordinho, Thopola, Langerman

Abasesiswini: Kekana, Mnyamane, Dolly, Jali, Mokotjo, Mabunda, Furman, Zwane, Serero.

Abagadli: Tau, Manyama, Mahlambi, Veldwijk, Erasmus, Singh.




- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...