UManyama noNgoma baphika amahlebezi okushiya iCity

2017-04-19 11:02

Cape Town – Abadlali ababili abayizethenjwa kuCape Town City, uLebogang Manyama kanye no-Aubrey Ngoma sebeyichithile imibiko yokuthi bazolishiya leli qembu ngenxa yokuthola amadlelo aluhlaza.

La badlali ababili bavutha bengabaselwe kulezi zinsuku kuCitizens njengoba uManyama engalibheki ipali kanti noNgoma ubalwa nabanye babadlali abahamba phambili kuPremiership ngokwakha amagoli.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, useke waphumela obala eveza ukuthi uManyama ungumdlali angathanda ukumsayina njengoba enza into yamehlo kuleli qembu eliqeqeshwa ngu-Eric Tinkler.

Kodwa-ke uManyama uyayichitha eyokushiya iCity futhi usekhombise ukuzinikela kule kilabhu kuze kuphele isizini.

OLUNYE UDABA: Phungwayo: IBucs isilutholile uzinzo nobumbano

“Uma ngabe wenza kahle vele kuzoba nezinkulumo,” uManyama utshele izintatheli.

“Kodwa, siyazi ukuthi zisingathwa kanjani izinto ezinjalo, asicabangi ngekusasa, sicabanga ngokwenzeka manje kanye nokuthi kuzokwenzakalani kusasa.”

Kusenjalo, uNgoma usekubeke kwacaca ukuthi yena ugxile kuCitizens njengoba besethubeni lokuthatha isicoco se-PSL ngesizini yabo yokuqala ngqa selokhu leli qembu lathuthela eKapa laphinde lashintsha negama.

“Ukuzinikela kwethu kusekuCape Town City, sisanda kunikela ikusasa lethu kuCape Town City futhi asibhekile noma ngabe yini ngale kweCape Town City okwamanje, sigxile ekwenzeni umsebenzi wethu nokuthi siqhubeke nesizini.”

Khonamanjalo, iCity izokwamukela elinye lamaqembu ebanga nawo isicoco seligi, iBidvest Wits, ngoLwesithathu kusihlwa emdlalweni we-Absa Premiership eCape Town Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30 kusihlwa.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...