UManqele uzokwenza ezibukwayo koweMacufe

2016-10-09 08:31

Free State - Umgadli we-Kaizer Chiefs u-Edward Manqele uthe uzosebenzisa iMacufe Cup ukuthuthukisa inani lamagoli akhe kanye nokuthuthukisa indlela adlala ngayo.

Lo mgadli wahluleka ukuzibonakalisa kahle ngesizini eyedlule ngesikhathi ejoyina leli qembu, kubika iSunday Sun.

Lokhu kwenza abaphathi baleli qembu bamfake ohlwini labadlali abasendalini, kodwa babuye bashintsha umqondo.

Funda nalolu daba:Usekhonjwe indlela umgadli ohamba phambili kuleli

Uthi leli thuba lesibili anikezwe lona kuleli qembu uzolisebenzisa kahle ukuze azibonakalise ukuthi ukufanele ukudlalela amaKhosi.

“Kancane kancane sengiyabuyela kushuni wami kanti futhi namagoli sengizowashaya alandelane,”kusho yena.

UManqele uyazi ukuthi badinga ukuthuthukisa indlela abadlala ngayo njengeqembu ukuze babuyise isithunzi sabo futhi bathathe nale ndondo ephethwe iPhunya Sele Sele.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...