UManqele akakafinyeleli esivumelwaneni neChiefs

2017-02-14 16:01

Johannesburg - Kubikwa ukuthi iqembu iKaizer Chiefs kanye nomgadli walo u-Edward Manqele abakafinyeleli esivumelwaneni ngodaba lokuba adedelwe lo mdlali.

IChiefs ifuna ukudedela lo mdlali owayegijima kuMamelodi Sundowns, kodwa kubukeka kunezingqinamba njengoba lo mdlali kuthiwa akazimisele ngokushiya leli qembu okwamanje.

Umthombo weSoccer Laduma uthi uManqele akakafinyeleli esivumelwaneni naleli qembu laseNaturena.

OLUNYE UDABA: Udlame alubuyiseli - Khoza

“Sengathi okwamanje (uManqele) akazimisele ngokukhokhelwa njengokwezingxoxo ebeziqhubeka. Usanethemba lokuhlala kuze kube uJuni, okungenani.

"Inkontileka yakhe izophelelwa yisikhathi ekupheleni kwesizini ka-2018,” ngokusho komthombo.

UManqele wajoyina iChiefs ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emithathu kade esuka kwiChippa United ngo-2015.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...