UMalema ucele abalandeli bayobukela oweBafana Bafana

2017-10-06 16:03

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema unxusa abalandeli ukuba bathenge amathikithi okuyobuka umdlalo weBafana Bafana wokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018 neBrukina Faso, e-FNB Stadium ngoMgqibelo.

Lokhu kuza ngemuva kwemibiko yokuthi kusadayiswe amathikithi alo mdlalo angu-300 kuphela ngasekuqaleni kwaleli sonto.

OLUNYE UDABA:Ingase ibe sehlazweni iBafana

"Bafowethu nodadewethu, asithengeni amathikithi okuyobuka iBafana Bafana, asilona izwe elidubayo. Asikwazi ukuphonsa ithawula, siyiBafana Bafana," kubhala uMalema enkundleni yezokuxhumana iTwitter.

Lo mholi udalule nokuthi i-EFF izophisana ngamathikithi omdlalo kubafundi nabalandeli eGauteng.

 - Twitter:

 - Phakaaathi

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...