Umabombo uwabhekise eGibhithe umdlali weWits - Umbiko

2017-09-07 15:59

Johannesburg - Kubikwa ukuthi umdlali weBidvest Wits uPhakamani Mahlambi amabombo uwabhekise eCairo izolo ebusuku njengoba kulindeleke asayine kwi-Al Ahly.

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala ubonakale e-OR Tambo International Airport ngoLwesithathu ebusuku, kanti iKickOff.com ibika ukuthi kuqinisekisiwe ukuthi ubelibangise eGibhithe.

Sekunesikhathi kubikwa ukuthi ama-Red Devils afuna ukuthenga lo mdlali weWits osanda kubuya kozama inhlanhla ePortugal.

Imininingwane ngesivumelwano beyingakaqinisekiswa, kanti nemizamo yeKickOff.com yokuxhumana neWits ayiphumelelanga.

OLUNYE UDABA: Uzophindwa umdlalo weBafana neSenegal

Imibiko yaseGibhithe ithi i-Al Ahly ibeke etafuleni imali engu-$1.3-million (R16,7-million) ngalesi sihlabani seWits, ngenhloso yokumsayinisa inkontileka yeminyaka emihlanu.

UMahlambi kulindeleke ahlolwe isimo sempilo ngoLwesine ngaphambi kokuba kuphothulwe isivumelwano nale kilabhu esibe ngompetha be-CAF Champions League amahlandla angu-8.

IKickOff.com ithi imenenja yomdlali, uGlyn Binkin, kayifunanga ukuphawula kuze kube kuphothulwa isivumelwano.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...