ULentjies uyaziphendulela kwabamgxekayo ngokulimala kukaKhune

2017-11-08 14:00

Cape Town - Umdlali waseswini kuChippa United uKurt Lentjies uthi kakusile ukuthi abantu basole yena ngokulimala kukanozinti weBafana Bafana u-Itumeleng Khune.

Lo nozinti weKaizer Chiefs kunongabazane ekutheni angabonakala enkundleni uma iBafana isidlala umdlalo omqoka wokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018 ibhekene neSenegal.

Lokhu kulandela ukuphuka ithambo ebusweni kulandela ukushayisana kabi noLentsjies sekusele imizuzu emihlanu umdlalo weTelkom Knockout uphele bedlala neChippa.

ULentjies uthole ukugxekwa, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, kepha lo mdlali waseKapa uthi akusile ukuthi abantu bagxeke yena ngokulimala kukaKhune.

OLUNYE UDABA: UKhune usecele ukudlala egqoke i-mask

"Isigameko saba yishwa nje. Ngifisela uKhune ukululama okusheshayo, kepha bakhona abanendaba ukuthi kwenzakalani kimi? Ngalimala ngakhumuka negxalaba, kodwa akekho onendaba ngoba angiyena uMzansi's No 1," kusho uLentjies etshela iThe New Age.

"Ngabe ngingumdlali okhohlakele? Buka umlando wami ngidlala ibhola. Ngaso sonke isikhathi ngiyaqikelela ekutheni ngibe ngumdlali oneqiniso futhi angisoze ngalimaza omunye umdlali ngamabomu," esho.

"Kepha lokhu okwenzekayo ezinkundleni zokuxhumana angikugqizi qakala. Wonke umuntu unelungelo lokubeka umbono wakhe. Kuyamangaza nje ukuthi akekho osangibuzile ukuthi mina nginjani."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...