I-SSU iisihlukene noBoxall, kanti Amakhosi asethenge uBhongo

2017-07-06 18:04

Durban - Umdlali wasemuva we-SuperSport United ne-New Zealand international uMichael Boxall uselishiyile leli qembu.

Izingxoxo ngokwengeza inkontileka kaBoxall zibhuntshile ngenxa yokutngaboni ngasolinye ezinweni ezimbalwa.

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala wasiza leli wembu ukuba liwine zombili izinkomishi zeNedbank Cup kule minyaka emibili ehleli nalo.

Umphathi we-SuperSport United uStanley Matthews uchaze kanje: “Asibanga nakho ukuzikhethela kodwa bekumele simdedele. Sizamile ukumnika inkontileka ebuyekeziwe kodwa wayinqaba futhi siyasamukela isinqumo sakhe.

UMatthews uthe uMichael ubenza umsebenzi omuhle kakhulu futhi bamufisela okuhle kodwa.

OLUNYE UDABA:I-PSL isikugunyazile ukuthengwa kweThanda uSuthu

ENaturena, iKaizer Chiefs isimemezele ukuthi isingene emshadweni weminyaka emithathu.

Leli qembu lisayine uBhongolethu Lonwabo Jayiya ngoLwesine emini.

Ngokusho kwalo mdlali, uthi wezwe ngamahemuhemu ukuthi leli qembu liyamfuna kanti vele naye uyalifuna.

“Kufezeke iphupho lami lakudala ukuthi ngijoyine Amakhosi. Ngiluthakasele kakhulu lolu hambo olusha futhi konke kuzobonakala ngokudlala kwami.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...