Ukushoda kwamagoli kuyibuyisela emuva iChiefs - Komphela

2018-03-20 13:59

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela ukholelwa ukuthi ukuhluleka kwezakhe ukuvalela amagoli kule sizini yiyo imbangela yokuthi badlale ama-draw angu-12, angu-8 kuwona aphela kungafakwanga magoli.

Ngempelasonto eyedlule amaGlamour Boys aphinde adlala ngokulingana ngo-0-0 nekilabhu yaKwaZulu-Natal, AmaZulu.

Lokhu kuyawafinyeza amathuba eChiefs okuthi ithathe isicoco njengoba manje isisalele ngemuva ngamaphuzu ayisikhombisa kwiMamelodi Sundowns ehlezi esicongweni.

OLUNYE UDABA: Angikwazi ukulaxaza abadlali abadala ngoba sekufike abasha - Komphela

"Sikwazile ukwakha amathuba ayinqwaba, kepha sehluleka ukuwavalela enethini," kusho uKomphela.

"Udonga lwamaZulu beluqinile ngesiwombe sokuqala, kepha indlela abebedlala ngayo udinga umfutho. Kunzima-ke ukugcina lowo mfutho isikhathi eside yingakho besinethemba lokuthi amagoli sizowafaka ngesiwombe sesibili.

"Emidlalweni engu-12 ephele nge-draw, engu-8 kuyo iphele kungekho magoli angenile. Lokho kuchaza ukuthi ukuba sakwazi ukufaka igoli elilodwa umdlalo ngamunye besizoyinqoba yonke.

"Bekumele sinqobe imidlalo eminingi ngoba amathuba amaningi besikwazi ukuwakha ngaphandle kwenkinga. Ukwentuleka kwamagoli yikho okusidonsela emuva."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...