Ukushaqeka kushona umdlali oquleke enkundleni kudlalwa

2016-05-07 13:39

Johannesburg - Umdlali waseCameroon uPatrick Ekeng, obedlalela iDinamo Bucharest, ushonele esibhedlela kulandela ukushayeka phansi kudlalwa enkundleni ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mdlalo obutshengiswa bukhoma eRomania, uphele ngo 3-3.

Ngokusho kombiko weThe Guardian, lo mdlali, 26, ubesadlale imizuzu eyisikhombisa kuphela engenele omunye umdlali ngesiwombe sesibili ngesikhathi equleka.

OLUNYE UDABA: Kushone umdlali webhola waseNigeria

Abakuleliya lizwe bathi u-Ekeng umelwe yinhliziyo.

Iqembu abelidlalela likhiphe isitatimende liqinisekisa ukudlula emhlabeni kwalo mdlali.

"Sikhalisana kakhulu nomndeni wakhe. Sengathi umoya wakhe ungaphumula ngokuthula," kusho iqembu.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...