‘Ukuphoxeka okukhulu’ iTheku liphunyulwa imidlalo yama-Commonwealth
2017-03-14 11:02
Durban – ITheku angeke lisayisingatha imidlalo yama-2022
Commonwealth Games ngemuva kokuhluleka ukuhlangabezana neminqamulajuqu
eminingi kanye nezinkinga zezimali, iBusiness Day, ibike kanjalo ngoLwesibili.
ITheku bekuzoba yidolobha lokuqala e-Afrika ukuthi
lisingathe le midlalo, ehlanganisa abadlali abavela emazweni angu-52 ama-Commonwealth.
Kuyimanje iCommonwealth
Games Federation isibheka idolobha elisha elizosingatha le midlalo.
OLUNYE UDABA: Ngabe iTheku lizolahlekelwa imidlalo yamaCommonwealth?
INingizimu Afrika ibizosebenzisa u-R8 billion ngokusingatha le midlalo, iBusiness
Day ibike kanjalo.
IBusiness Day icaphune uCharles Preece,
okhulumela iFederated Hospitality Association of SA, ethi “sekubhekwe zonke izinto” iTheku belingeke
likwazi ukukhona izindleko zale midlalo.
UMengameli weSouth
African Sports Confederation and Olympic Committee, uGideon Sam,
kubikwa ukuthi uthe lezi zindaba “ziwukuphoxeka okukhulu” kuzwekazi i-Afrika
lonke.
“Kodwa ngaphandle kweziqiniseko zikahulumeni
ezidingekayo, asikwazanga ukuqhubeka,” usho kanjalo.
“Wonke umuntu wayejabule ukubona imidlalo yama-Commonwealth yethulwa eThekwini, ebelifanelekile
ukusingatha lo mcimbi, kodwa ngesikhathi ezomnotho seziqala ukubamba iqhaza,
kwaba nzima.”
- News 24