UKomphela uyazi ukuthi uSuthu luyingozi kodwa ufuna ukuwina

2017-11-22 18:00

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uyazi ukuthi AmaZulu ayingozi nakuba bawashaya ngokwedlule, kodwa futhi uthi nabo bahlalelwe umsebenzi wokwenza kahle kulandela ukukhishwa emqhudelwaneni womkhumulajezi.

IChiefs kulindeleke ibhekane noSuthu eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu ebusuku, njengoba isigxile kweyeligi kulandela ukuphuma koweTelkom Knockout ngempelasonto.

Ngesikhathi lamaqembu egcina ukutholana phezulu emasontweni amathathu edlule, Amakhosi awina ngo-3-0.

OLUNYE UDABA: AmaZulu afuna ukuziphindiselela kwiChiefs

Nakuba kunjalo, uKomphela uyakuqonda ukuthi lo mdlalo wehlukile kunowaphambilini.

“Umdlalo nomdlalo wehlukile. Kungenzeka ukuba sabashaya emasontweni edlule, kodwa kwakuwumdlalo womkhumulajezi lowo. Lona omunye umdlalo,” kusho uKomphela kwi-website yeChiefs.

Uthe womabili amaqembu ayazi adlala kanjani kodwa kuzobonakala ukuthi izinto azihlela kanjani kulo mdlalo.

Umdlalo kulindeleke uqale ngo-19:30.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...