UKomphela uvuma ingcindezi embangweni weligi

2017-03-20 09:31

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, uyavuma ukuthi umbango wesicoco seligi kule sizini usuthanda ukuba nzima kakhulu.

AmaGlamour Boys abambane ngo-2-2 neBaroka FC emdlalweni we-Absa Premiership ngoMgqibelo ebusuku, nokushiye lezi zinkunzi zaseSoweto zilele endaweni yesine kwiligi, zilandela ngamaphuzu amathathu iCape Town City esesicongweni.

Manje njengoba iqembu lakhe selisalelwe yimidlalo engu-9, uKomphela uyayazi ingcindezi ababhekene nayo.

OLUNYE UDABA: Unethemba lokuvika izembe ngemuva kokubamba iChiefs

“Lesi siyikhathi esimzima kwiligi futhi wonke amaphuzu abalulekile,” ucashunwe esho kanje kwi-website yeqembu.

“Sisazoqhubeka nokungaxhamazeli. Iligi kusekude ifinyelele esiphethweni. Ngeke siliphonse manje ithawula.”

IChiefs emdlalweni wayo olandelayo izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni okulindeleke ubemnandi kakhulu ngoMgqibelo mhlaka 1 Ephreli, ngemuva kwemidlalo yamaqembu esizwe.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...