UKomphela uthi luselude ukhalo ukuba iDowns 'isinganikwa' manje isicoco

2017-12-15 11:00

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uyala ukwamukela ukuthi iMamelodi Sundowns isethubeni elihle lokuthatha isicoco se-Absa Premiership kulandela ukuthola imiphumela emihle muva nje.

IChiefs njengamanje ilandela iDowns ngamaphuzu ayisikhombisa njengoba yona ihleli endaweni yesithathu, kodwa uKomphela umile kwelokuthi iSundowns ayikho sethubeni elihle kunabanye nakuba isidlale yawina imidlalo emithathu ilandelana.

“Uma ungaguqula lowo mbuzo, uwubuze uma ibhekene nobunzima, ingawini, ungasho ukuthi iSundowns isethubeni lokugawulwa yizembe? Cha,” kuphendula yena uKomphela.

OLUNYE UDABA: INingizimu Afrika idlulele kowamanqamu eCosafa

“Kumele kubenjalo-ke namanje njengoba izinto zisabahambela kahle. Luselude ukhalo.”

Amakhosi azobhekana ne-Ajax Cape Town eMoses Mabhida Stadium emdlalweni wabo wokugcina ku-2017, kanti uKomphela uzobe efuna ukwenza konke ukunqoba umdlalo wabo wokuqala ekhaya kule sizini.

“Kuzomele siwuphethe kahle unyaka. Kuzomele siwine futhi, uma ngikhumbula kahle asikaze siwine ekhaya, ngezizathu engingazazi nami,” esho.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...