UKomphela uthi akayindawo kulandela isibhaxu
2018-04-08 13:29
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela
umile kwelokuthi ngeke esule emsebenzini yize yanda eyabathi bamfuna ehambile
eNaturena kulandela ukubhaxatshulwa kwezakhe ngo-3-0 yiChippa United.
“Ngeke ngibaleke‚” esho ngemuva kokuthi
yena nabadlali bakhe bephume ngesamagundane abalandeli bebajikijela ngemfucuza
enkundleni i-FNB Stadium ngoMgqibelo.
"Angisiyo le nhlobo yomuntu
obalekayo uma izinto sezibheda. Uma ungumuntu futhi uziqhenya ngomsebenzi wakho
kumele wazi ukuthi ukuzinikela kuyingxenye yomsebenzi.”
Kuze kwadingeka ukuthi amaphoyisa
aqaphe isimo esangweni laseSoccer City njengoba abalandeli bebesho ukumudla
luhlaza uKomphela kulandela ukuhlulwa bedlala ekhaya.
“Kumele ubekezele ukwazi ukubhekana
nesimo noma sekunzima,” kusho uKomphela.
Kubikwa ukuthi kuthinteke umdlali
oyedwa kulesi sigameko, nokho okuyimibiko engaqinisekiswanga.
UKomphela uvumile ukuthi akwamukelekile
ukuthi bathelwe induku ngalolu hlobo, kepha wathi lokho akusho ukuthi usephonse
ithawula.
"Kubalulekile ukuthi
ungaphazanyiswa yizinto kalula futhi ukulindele ukugxekwa uma izinto
zingasahambi kahle ngoba lokho kuyingxenye yebhola. Uma ungumqeqeshi kumele
umelane nazo zonke izimo.”
- Times Live