UKomphela useqinisekisile ukuthi iChiefs izingela umgadli

2017-11-21 09:31

Cape Town – Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uthi le kilabhu isiphume umkhankaso wokuthungatha umgadli kulandela ukwehlulwa kwayo ngo-1-0 koweTelkom Knockout iguqiswa yiBidvest Wits.

Amakhosi alahle amathuba amaningi, ikakhulukazi uDumisani Zuma noGustavo Paez, njengoba iChiefs igcine isikhala ngaphansi kulo mdlalo wangoMgqibelo.

Njengamanje kule sizini, uPaez nguye ohamba phambili ngamagoli kwiziMpofana njengoba enamagoli amathathu ngaphansi kwegama lakhe.

UKomphela usezwakalise ukukhathazeka ngenkinga ekhona yamagoli waqinisekisa ukuthi le kilabhu isemkhankasweni wokufuna umgadli.

OLUNYE UDABA: USteve Komphela uncoma indlela adlala ngayo 'uMido'

“Lalelani, abagadli bangabagadli. Kungenzeka ukuthi sasinomgadli osezingeni eliphezulu ngaleliya langa, kepha uma kungesilona usuku lwakho ayikho into ongayenza. Ukushweba amathuba (njengoba kwenze uPaez noZuma), kuyenzeka.

“Kepha uma ungangibuza ukuthi kungenzeka yini sithole omunye umgadli, impendulo yami kuyoba ‘nguyebo’.

"Bengicabanga ukuthi njengoba bekukhona uZuma noPaez sizokwazi ukufaka igoli lokulinganisa. Siwatholile amathuba, kepha asiwasebenzisanga ngendlela.”

IChiefs izodlala naMaZulu ngoLwesithathu eKing Goodwill Zwelithini Stadium, eMlazi.

Umdlalo uzoqala ngo-19:30.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...