UKomphela unxusa abalandeli ukuba bavotele iqembu elihlaselayo

2017-05-03 09:31

Cape Town – Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, usenxuse abalandeli ukuba bakhethe iqembu elidle ngokuhlasela elizodlala kumqhudelwano wangesizini ezayo weCarling Black Label Cup.

Kulo mqhudelwano kudlalwa umdlalo owodwa nje vo phakathi kwezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates ngaphambi kokuba kuqale isizini nalapho abalandeli bethola khona ithuba lokukhetha abadlali abazodlala.

Indebe yalo mqhudelwano yethulwe ngokusemthethweni eJohannesburg Park Station nalapho kuphinde kwengezwa izinhlelo ezintsha ngalo mqhudelwano.

OLUNYE UDABA: Uxoshelwe ukuba neshobolo umqeqeshi welePSL

Kulo mdlalo wesizini ka-2017/18, abalandeli sebezokwazi ukuvotela ukuthi bafuna abadlali baboshelwe (formation) ngayiphi indela enkundleni. Lokhu kulindeleke ukuthi kucije ikhono labalandeli lokuqeqesha

Umdlalo wakulo nyaka weCarling Black Label Champion Cup uzoba ngoMgqibelo, ngomhlaka-29 kuJulayi enkundleni yezemidlalo iFNB Stadium, ngo-15:30 ntambama.

Izindlela ezine zokubophela abadlali abalandeli abangakhetha kuzo yilezi:  4-4-2, 3-5-2, 3-4-3 ne-4-3-3.

Izinkakha ebholeni lakuleli okunguBenni McCarthy, uShaun Bartlett kanye noMarks Maponyane yibona ebebechaza kabanzi ngalezi zindlela eziningi zokubophela abadlali kulo mcimbi.

UKomphela uthi indlela obophela ngayo abadlali ihlale incike kakhulu ekutheni yibaphi abadlali onabo. Ube esenxusa abalandeli beChiefs ukuthi bakhethe iqembu elidle ngokuhlasela uma sebekhetha.

“Khosi ngiyacela nikhethe izitobha ezinhle kanye nalabo abangakwazi ukuhlasela – sifuna ukushaya amagoli. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...