UKomphela ukuthola kunzima ukuhlelela iPirates

2017-10-21 12:32

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uKomphela ukuthola kunzima ukuhlelela ukudlala ne-Orlando Pirates, eqeqeshwa nguMilutin 'Micho' Sredojevic.

"Kunzima ukuhlela ukudlala nePirates futhi kunzima kakhulu manje ngokuba khona kukaMicho. Usemusha futhi siyibonile indlela adlala abadlala ngayo,” kusho uKomphela.

"IPirates ayidlali ngendlela eyodwa. Kunezikhathi lapho idlala khona ngabadlali abahlanu emuva. Kunesikhathi lapho bebahlanu noma bebathathu, kuya ngabadlali basezimpondweni emuva. Ngesikhathi bedlala nePlatinum Stars babedlala bebane."

UKomphela uthi uyawuqonda futhi nomthelela kaRhulani Mokwena ongumsizi kaMicho, owathathwa kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuqala kwesizini.

OLUNYE UDABA: Ukunqoba kweChiefs kutatazelise iPirates

Uthi ngeke amthathe kancane uRhulani ngenxa yendlela anobuchule ngayo.

Uphinde wathi: "Angimfundisanga lutho uRhulani, uNkulunkulu nguyena owamnika ithalente kanti manje uyalibonakalisa ithalente lakhe.”

Lo mqeqeshi uphinde wathi kodwa neBhakabhaka ngeke liyiqonde indlela abazobe bedlala ngayo.

- KickOff.com

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...