UKomphela ukholelwa ekutheni uBaxter udinga isikhathi

2017-11-17 11:01

Cape Town - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela usevikele umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter kulandela ukuthi iqembu lesizwe lihlulekile ukuhlungelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2018.

UKomphela uveze ukuthi uBaxter udinga isikhathi esithe xaxa.

Amathuba eNingizimu Afrika kulo mqhudelwano ashabalala ngesikhathi ihlulwa emidlalweni emine kweyisithupha yokuhlunga ebandakanya emibili eyashaywa kuyo yiCape Verde neSenegal.

Nokho, uKomphela ubona sengathi uBaxter akumele engabe uyagxekwa esikhundleni salokho kumele anikezwe ithuba lokuthi abadlali baze bajwayele indlela adlalisa ngayo.

OLUNYE UDABA: Sehlisiwe isigwebo sika-Ben 10

Ekhuluma emsakazweni iPowerFM, uKomphela uthe: "Ngikholelwa kakhulu ekutheni akumele sisole umuntu oyedwa ngokwenzekayo njengamanje eqenjini lesizwe.

"Ziningi izinto ezikhona ebholeni, akupheleli nje kuphela ezinhlelweni, kepha abadlali kumele batshengise lokhu abaqeqeshelwe khona uma sebengena enkundleni.

"Ngabe singakwazi ukubekezela njengesizwe? Ngoba phela lezi zinto zithatha isikhathi," esho.

Uqhube ngokuthi kumele iguqulwe indlela abantu baseNingizimu Afrika abacabanga ngayo uma kuziwa ebholeni lezinyawo, ngoba yonke into ithatha isikhathi mande ilunge.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...