UKomphela ukhala ngokuthi bahlulekile ukugqobhoza udonga lweCeltic

2018-02-26 14:01

eThekwini - Ukhala uuazithulisa uMqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela.

Lo mqeqeshi ukhala ngokuthi bahlulekile wukuvala igebe kwiMamelodi Sundowns okuyiyona ehamba phambili kwi-log.

IChiefs ishayane yaze yabukana neBloemfontein Celtc ngempelasonto zibambana ngo-0-0.

UKomphela uyabalisa ngokuhluleka wukuthola amabhuzu agcwele kulo mdlalo abezokwenza esakhe ziphefumule eduze kweDowns.

OLUNYE UDABA:Iyababulala intela abadlali abahola kakhulu kwi-PSL - Umbiko

"Ngeke ngithi sithole uphuze lingasifanele, belisifanele, kulo mdlalo kasizange sakhe amathuba amahle okushaya amagoli angoqekelele.

"Sihlulekile ukuggobhoza udonga lweCeltic," kusho yena.

Lo mqeqeshi uthi lomdlalo umkhathazile emoyeni ngoba baphunyukwe yithoba lokuvala igebe kwiSundowns.

Uthi bekuzoba kahle kakhulu ukuba bawunqobile lo mdlalo liqine nethemba labo lokuwina i-ligi, kubika iphephandaba iLANGA.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...