UKomphela ufuna isicoco seNedbank

2018-04-02 14:22

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uzwakalise isifiso sekilabhu sokuthatha inkomishi weNedbank Cup, kwazise sekuphele iminyaka emithathu bagcina ukuthatha isicoco.

Amakhosi asezibeke ethubeni elihle lokufinyelela kowamanqamu, kulandela ukwehlula iBaroka FC ngo-1-0 kuma-quarterfinals emdlalweni obuseNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo.

UMulomowandau Mathoho uyena owavalele phakathi igoli elinqobise lezi zinkunzi zaseSoweto.

Abafana bakaKomphela sebezobhekana neFree State Stars ekhaya emdlalweni owandulela owamanqamu kulandela ukuqhathwa kwamaqembu ngeSonto ngemuva komdlalo weMamelodi Sundowns neCape Town City.

“Sisazodlala owandulela owamanqamu. Okwamanje, okubaluleke kakhulu ukuwina ngoba siyasifuna lesi sicoco,” kusho uKomphela kwi-website yeChiefs.

OLUNYE UDABA: UNgcobo ugxeke iSafa ngokweseka uJordaan kwelokudlwengula

“Sibenamathuba okuqeda ngomdlalo ngesiwombe sokuqala. URyan Moon, Leonardo Castro noHendrick Ekstein kwale kancane bashaye amagoli. Bekungaphela isiwonbe sokuqala sihamba phambili ngo-4-0.”

“Asikwazi ukukhetha imiqhudelwano ethize. Sisadlalela nokuthatha isicoco seligi. Siyethemba ukuthi sizogcina sisithathile isicoco – ngicabanga ukuthi abaphathi nabalandeli sibafanele isicoco. Lena yikilabhu enkulu, ziyadingeka izicoco.”

Amakhosi azobhekana ne-Ea Lla Koto emdlalweni we-Absa Premiership eBethlehem ngoLwesithathu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...