UKomphela ufuna babekezelelwe abadlali

2016-12-30 11:32

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela usenxuse abalandeli beqembu lakhe ukuba bambekezelele u-Emmanuel Letlotlo, Ryan Moon kanye noHendrik Ekstein.

ULetlotlo abamphathanga kahle abalandeli emdlalweni wokugcina ngesikhathi bebhekene neGolden Arrows ngemuva kokuba eqale umdlalo esikhundleni sika-Edmore Chirambadare.

Bekungokokuqala uLetlotlo eqala umdlali kwiChiefs kule sizini.

OLUNYE UDABA: Ususe umsindo oshaye igoli ngemuva kokufaka umuthi emapalini

Nakuba laba badlali bengakenzi okuncomekayo, uKomphela uthe abalandeli kuzomele bakuqonde ukuthi kuzothatha isikhathi ukuba abadlali bajwayele indlela afuna badlale ngayo.

“Sidinga ukubekezelelwa kancane ngabo [u-Ekstein, Moon noLetlotlo]. ULetlotlo ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi siyamazi esadlala kwi-MDC,” kusho uKomphela.

"Kuzotatha isikhathi ukuba laba bafana abancane bajwayele, kodwa badinga ukwesekwa yithina.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...