UKomphela uchazekile ngomgadli omusha

2017-02-08 11:31

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela utuse uGustavo Paez ngokukhombisa ukulambela ukushaya amagoli ngemuva kokuba lo mgadli edlale okokuqala kuleli qembu laseNaturena.

Lo mgadli waseVenezuela ungene endaweni ka-Edmore Chirambadare ngomzuzu ka-59 ngesikhathi iChiefs ishaya iFree State Stars ngo-3-1.

Nakuba ekhombise ukuba buthuntu phambi kwepali, uKomphela uthi unesiqiniseko sokuthi uPaez uzojwayela ku-Absa Premiership.

OLUNYE UDABA: Iqale ngegiya eliphezulu iChiefs ibhaxabula iFree State Stars

"UGustavo Paez uzama ngakho konke okusemandleni akhe. Uyabona nje indlela agijima ngayo, kuyabonakala ukuthi ulambele ukushaya amagoli futhi unentshisekelo,” kusho uKomphela ngemuva komdlalo.

UKomphela uphinde wakhuluma kahle ngoLucky Baloyi, ongene umdlalo usuzophela.

"UBaloyi ungene wadlala kahle, ubelokhu eliphasa phambili ibhola,” kuqhuba uKomphela.

 -Soccer Laduma

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...