UKomphela kulindeleke abenomhlangano nezikhulu zeChiefs

2017-08-25 09:34

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, kulindeleke abenomhlangano nabaphathi bekilabhu ezinsukwini ezizayo ukuzodingida ngenqubekela phambili yeqembu kulandela ukungaqali kahle isizini.

IChiefs ishaywe ngo-2-1 yiSuperSport United ngoLwesithathu ebusuku, nobekungokwesibili emidlalweni emithathu ihlulwa kule sizini, nokuthi ayikaze inqobe selokhu kuqale isizini.

Lokhu kusho ukuthi iChiefs isanqobe umdlalo owodwa vo emidlalweni eyishumi eyedlule, sekubalwa neyangesizini edlule.

OLUNYE UDABA: UPitso uphendule umdlalo othe iDowns iyanwabuluka

Ngenxa yalezi zithathu, uKomphela kulindeleke abenomhlangano nezikhulu zeChiefs kungekudala njengoba kusayiwe nasekhefeni, futhi isiphuthwe yisicoco sokuqala kule sizini, kubika iSoccer Laduma.

USammy Troughton ubengumqeqeshi wokuqala ukukhululwa emsebenzini wakhe kule sizini ngesikhathi iFree State Stars imkhomba indlela kuleli sonto, futhi sekunabanye babalandeli beChiefs abafuna izinyawo zigcwale udaka nakuKomphela. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...