UKomphela ezingxoxweni zokwelula inkontileka yakhe

2018-01-12 19:30

eGoli - UMphathi weKaizer Chiefs uBobby Motaung ukholwa wukuthi liqhakazile ikusasa likaSteve Komphela.

UMotaung usho lokhu njengoba kuqhubeka izingxoxo mayelana nenkontileka entsha kaKomphela

Inkontileka yalo mqeqeshi yeminyaka emithathu iyaphela ekupheleni kwale sizini, ngakhoke uselelwe yizinyanga ezimbalwa ukuba athole indondo yakhe yokuqala naleli qembu.

Umsebenzi wakhe kuleli qembu awubanga lula neze selokhu aqala ukuqeqesha, kukaningi egxekwa ngokuhluleka kwakhe ukuqoqa izindondo kanye nokuthenga abadlali abasezingeni.

OLUNYE UDABA:UMotaung uthi uKomphela ubenezwi ekusayinweni kwabadlali abasha

Abafana bakaSteve Komphela babukeka bedonsa kanzima kule minyaka ngaphansi kwesandla salo mqeqeshi owake wacija iMaritzburg United njengoba bengakaze bawine lutho.

IChiefs izobhekana nePolokwane City emdlalweni wayo olandelayo ozobe ubanjelwe e-FNB Stadium.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...