UKomphela akagculisikeile kakhulu ngendlela abadlale ngayo

2018-01-22 11:00

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uthi bebengadlala kangcono ngesikhathi iqembu lakhe libhekene neBaroka FC.

Amakhosi abelandela ngemuva ngegoli elilodwa kodwa umdlalo waphela ngokuthi bawine nakuba sebedlala bengaphelele.

ULeonardo Castro, obeqala ukudlala, ungene ngesiwombe sesibili washaya igoli elinqobise iChiefs ngo-2-1 ngeSonto ntambama.

OLUNYE UDABA: 'Ngiyomangala uma iDowns yehluleka ukuthatha eseligi'

"Kudingeke ukuba sisebenze kanzima ngisho sesithole ikhadi elibomvu kudingeke ukuba singaxhamazeli.

“Ngiyamjabulela uLeo, ngegoli elihle alishayile kanjalo [noRyan] Moon, kodwa ngicabanga ukuthi besingadlala kangcono kunalokhu,” kusho uKomphela kwiSuperSport 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...