UKhune uthi kuyasiza kakhulu ukucubungula imidlalo kumabonakude

2017-11-23 12:30

Cape Town - Unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune useveze ukuthi kumsizile ukuthatha isikhathi sokuthi acubungule kahle imidlalo yamaqembu abasuke bezobhekana nawo, njengoba kumsizile wakwazi ukuvimba amagoli amqoka.

Lo nozinti weBafana Bafana udlale ibhola eliyingcwenga eThekwini ngoLwesithathu ebusuku, wakwazi ukuvimba amagoli okubalwa nephenathi eshaywe nguRhulani Manzini, ukusiza aMakhosi abambane ngo-0-0 namaZulu.

UKhune uveze ukuthi kumsizile ukubheka indlela uSuthu oludlala ngayo ngaphambi kokuba bangene kulo mdlalo.

"Ngenze umsebenzi omuhle wokucubungula leli qembu kanye nabadlali be-PSL kanjalo nabadlala emazweni omhlaba," echaza.

OLUNYE UDABA: AmaZulu afuna ukuziphindiselela kwiChiefs

"Ngibuka ibhola eliningi kumabonakude ngoba ngenzela ukuthi ngikwazi ukuba ngumdlali ongcono. Ngenxa yokuthi ngiyalitadisha ibhola bengizibuza ukuthi uManzini uzolishayela phezulu ngakwesokudla noma aliqondisa phansi iphenathi, kepha ngoba belina izulu bengazi ukuthi uzolenza lishushuluze phansi," esho.

Uthi yikho lokho okumsizile wakwazi ukuvimba le phenathi.

Lo nozinti weGlamour Boys nokho uthe akajabule ngoba ikilabhu yakhe ayikwazanga ukuqoqa amaphuzu.

"Ukudlala ngokulingana ngo-0-0 ekuhambeni akuwona umphumela omuhle. Asizange sibanikeze lokhu abakudingayo abalandeli; okungamaphuzu amathathu.

"Abalandeli bebeseseka kukuhle kukubi, baphuma ngisho izulu linetha bezoseseka kepha sangadlala ngendlela ezobajabulisa. Kungijabhisile kakhulu lokho."


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...