UKhune usecele ukudlala egqoke i-mask

2017-11-08 12:31

Cape Town - Unozinti weBafana Bafana u-Itumeleng Khune usefake isicelo sokudlala egqoke i-mask emdlalweni osemqoka wokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2018 neSenegal, kulandela ukulimala ngasesweni.

Lo nozinti weKaizer Chiefs waphuka ithambo ebusweni ngemuva kokungqubuzana nomdlali weChippa United, uKurt Lentjies, ngeSonto ngesikhathi bedlala koweTelkom Knockout kwadingeka ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela.

Umqeqeshi weBafana uStuart Baxter uqinisekisile ukuthi uKhune ucele ukudlala egqoke i-mask ezomvikela ubuso ngemuva kokubonana nodokotela weziphathelene nobuso.

OLUNYE UDABA: Usekude ukubonakala enkundleni uKhune kulandela ukulimala

"U-Itu ubonane nodokotela kanti kuzodingeka abone omunye ngoLwesibili," kusho uBaxter etshela iTimesLive ngemuva kokuzilolonga kweqembu enkundleni elizodlalela kuyona.

"U-Itu uzicelele yena ukuba simlungisele i-mask‚ okukhombisa ukuthi unethemba. Nokho, lokho kungenzeka nje ukuthi nguye onentshisekelo, isinqumo sokugcina silele kodokotela," kusho uBaxter.

Udokotela weBafana Bafana, uDkt Thulani Ngwenya uthe bahlalele ethembeni ngesimo sikaKhune.

Umdlalo uzoqala ngo-19:00 ngoLwesihlanu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...