UKhune ufuna kunikwe uKomphela elinye ithuba kuChiefs

2017-05-26 12:29

Cape Town – Unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, usephumele obala waseka umqeqeshi weqembu, uSteve Komphela, wathi futhi uthemba ukuthi uzoqhubeka aqeqeshe Amakhosi nangesizini ezayo.

UKomphela usehluleke wancama ukusiza lezi zinkunzi zaseSoweto ukuthi zithathe noma isicoco esisodwa nje esikhathini esingamasizini amabili eqeqesha leli qembu, kodwa uKhune ukholwa ukuthi lo mqeqeshi owayedlala emuva kuBafana Bafana ungumuntu ofanelwe wumsebenzi.

OLUNYE UDABA:Yonke imidlalo yokugcina yePSL ngoMgqibelo

“Umqeqeshi usenze kahle kakhulu: ukuthi nje ayikho into yokukukhombisa,” lo nozinti utshele abezindaba ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo neBidvest Wits eFNB Stadium.

“Limfanele elinye ithuba ukuqinisekisa izinga lakhe ngoba kumfanele ukuba la. Kumfanele ukuba yingxenye yethu.”

UKhune uthi uphoxekile ngokuthi leli qembu alizange lithathe ngisho esokubika isicoco kumasizini amabili adlule, wabe esenxusa ozakwabo ukuthi balungise isimo ngesizini ezayo.

“Emlandweni wekilabhu, amasizini amabili ngaphandle kokungawini  lutho, akunabo ubulungiswa ekilabhini," kusho uKhune.

“Akunabo ubulungiswa kubalandeli, abahlale benathi ngaso sonke isikhathi, ngakho sidinga ukuthi sihambe bese sinyusa amasokisi ethu bese sizama ukubawinela okuthile.”

Amakhosi azokwamukela omphetha abasha be-Absa Premiership, iWits, ngoMgqibelo eFNB Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00 ntambama. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...