UKhoza uthi udlame alubuyiseli

2017-02-13 13:03

Johannesburg - USihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza uthe bazimisele ngokuqinisekisa ukuthi ukuziphatha kabi kwabalandeli beqembu ngoMgqibelo enkundleni yezemidlalo ePitoli, ngeke kuphinde kwenzeke.

Abalandeli bamaBhakabhaka abebethukuthele begane unwabu bavele bangena ngodli enkundkleni eLoftus Stadium ngemuva kokuba iMamelodi Sundowns isifake igoli lesithupha emdlalweni weligi ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: IPSL igxeke udlame lwabalandeli kushaywa iPirates

I-Orlando Pirates ibambe isithangami sabezindaba ngoMsombuluko kulandela isiphithiphithi esibonakale ngempelasonto, umdlalo wagcina usumiswa waze waqhubeka ngemuva kwemizuzu engu-40.

Ngemuva kwalezi zidubedube kudingeke ukuthi abadlali bakhishwe ngokushesha enkundleni.

Kukholakala ukuthi kulimale nenqwaba yabantu kulesi sibhicongo.

UKhoza uthe udlame alubuyiseli, udlame emdlalweni ikakhulukazi emdlalweni webhola lezinyawo kubizwa ngokuziphatha budlabha, uma uziphatha kanjalo emdlalweni yebhola lezinyawo usuke ungusikhotheni.

"Ayikho indawo yodlame emphakathini yethu futhi alwamukelekile. "

 - eNCA

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...