UKhoza uqinisekisa eyokuhamba komsizi kamqeqeshi

2017-02-20 18:06

Cape Town – USihlalo we-Orlando Pirates, u-Irvin Khoza, usedalule ukuthi obengumsizi kamqeqeshi, uBradley Carnell, usewushiyile umsebenzi wakhe kuleli qembu.

Lo mqeqeshi owayeyisitobha seqembu lesizwe, iBafana Bafana, wayeyingxenye yethimba labaqeqeshi lika-Muhsin Ertugral ngasekuqaleni kwesizini ka-2016/17.

UCarnell, oneminyaka engu-40 ubudala unikele kuTwitter eqinisekisa futhi ebonga ikilabhu “ngesipiliyoni esimangazayo” sakhe ngesikhathi esincane ekuleli qembu.

OLUNYE UDABA: Uthi akukho okutheni akwaziyo ngebhola lakuleli umqeqeshi omusha wePirates

“Ngiyabonga eqenjini kanye nabasebenzi ngesipiliyoni esimangazayo ngokuba yingxenye yale kilabhu enhle kangaka,” kusho lo mqeqeshi ophinde wabonga noSihlalo weqembu, uKhoza.

Esithangamini sabezindaba ebesiseGoli ngoMsombuluko, uKhoza uphinde wamemezela nomqeqeshi waseSweden, uKjell Jonevret, njengomqeqeshi omusha weqembu.

Khonamanjalo, i-Orlando Pirates izobhekana nePolokwane City ngoMgqibelo, ngomhlaka-25 kuFebhuwari emdlalweni we-Absa Premiership.

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:30 ntambama.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...