UKhisimusi omuhle kubalandeli beKaizer Chiefs

2016-12-22 07:01

Durban - IGolden Arrows yamukele iKaizer Chiefs enkundleni yaseMoses Mabhida ngoLwesithathu ebusuku emdlalweni we-PSL.

Womabili la maqembu abonakale ezimisele eqala umdlalo ngegiya eliphezulu kakhulu.

Ngokuhamba kwesikhathi, aMakhosi athathe igxathu lokuwuhola umdlalo ibhola lilawulwa yiwona, kodwa ehluleka ukuqedela.

OLUNYE UDABA:Kaizer Chiefs: Okuhlula amadoda kuyabikwa

I-Arrows ibibonakala intekenteke nokuyinto eyilimaze kakhulu ivulela iChiefs ithuba lokuyithela induku ngemizuzu-29 lapho uRamahlwe Mphahlele ephakele uBernard Parker ibhola elihle kakhulu babhalisa igama labo ebhodini.

I-Arrows izamile nayo ukuzakhela amathuba uSbusiso Sibeko eveza amakhono akhe kodwa wala u-Erick Mathoho.

Akagcinanga lapho uSibeko ngoba ubeselekelelana no-Andile Fikizolo bezwa amanzi ngobhoko lapha uNhlanhla Brilliant Khuzwayo kwasho khona ukuthi akulona usuku lwabo.

Avuke ama ngezinyawo aMakhosi ahlukanisa izinsizwa ebafaneni ngomzuzu-74 lapho u-Edmore Chirambadare ephakele uSiphiwe Tshabalala into ehambela phezulu waliphonsa phakathi.

Lo mdlalo uphele ibhodi lithi 2-0 aMakhosi enikeza abalandeli uKhisimusi omuhle, kubika iSoccer Laduma.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...