Ukhethe kahle uMajoro - Sikhosana

2016-08-10 14:31

Johannesburg - Owayengumgadli we-Orlando Pirates, uJerry Sikhosana, ukholelwa ukuthi isinqumo sikaLehlohonolo Majoro sokujoyina iCape Town City kubengesihle, ngoba ngeke abengaphansi kwengcindezi kuleli qembu elisha laseKapa.

NgoLwesibili kumenyezelwe ukuthi uMajoro usejoyine leli qembu elisha ngemuva kokudedelwa yiBhakabhaka.

USikhosana ukholelwa ukuthi indlela ahamba ngayo lo mdlali kwiKaizer Chiefs iyona eyenza wangafinyelela ezingeni elalilindelekile kwiPirates.

Funda nalolu daba: Ezingezinhle eqenjini leNingizimu Afrika eRio

“Ngicabanga ukuthi ukhethe kahle,” usho kanje etshela iSoccer Laduma. “Bekungelula (kwiPirates).”

Usikhosana uphinde wathi lo mdlali angabuyela ezingeni lakhe ngenxa yokuthi kwiCape Town City ayikho ingcindezi engako.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...