Ukhale ngonompempe umqeqeshi wePirates behlulwa ukuwina

2017-02-09 12:30

Cape Town – Umqeqeshi osabambile ku-Orlando Pirates, u-Augusto Palacios, akazange akufihle ukungenami kwakhe ngonompempe kulandela ukuthi ezakhe zibambane ngeqanda nhlangothi zombili ngesikhathi zitholene phezulu nePlatinum Stars emdlalweni wazo wokuqala ngqa ngemuva kwekhefu lePremier Soccer League (PSL).

Unompempe u-Olani Kwinda uyena obedlalisa lo mdlalo kodwa uPalacios akaneme neze ngendlela awusingathe ngayo.

OLUNYE UDABA: Yonke imiphumela yemidlalo yePSL ngoLwesithathu

“Ngicabanga ukuthi unompempe namhlanje, udinga ukuba sezingeni lePSL. Angikholwa ukuthi ukuphathwa komdlalo ezinhlangothini zombili bekusezingeni lePSL,” lo mqeqeshi ucashunwe kanjalo yiKickOff.com.

“Lena akuyona iMDC (MultiChoice Diski Challenge).

“Abantu bayawakhokhela amathikithi abo futhi uyazi ukuthi bathini, uma unompempe esezingeni, nomdlalo uba sezingeni nawo. Anginalutho olumelene nonompempe, kodwa ngicabanga ukuthi izinga beliphezulu kakhulu kunaye.”

Kubukeka sengathi izinto azizukwehlela kumaBhakabhaka neMamelodi Sundowns ngoMgibelo, ngomhlaka-11 kuFebhuwari.

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:30 ntambama. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...