Ukhale ngonompempe kwehlulwa ezakhe uBenni

2017-09-20 10:59

Johannesburg - Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy ukhale ngonompempe ngesikhathi iqembu lakhe liguqiswa yi-Orlando Pirates ngo-1-0.

ICitizens yehlulwe okwesibili imidlalo ilandelana kweye-Absa Premiership, kulandela ukwehlulwa yizinkunzi saseSoweto ngoLwesibili ebusuku.

UMcCarthy ukhale ngendlela obusingethwe ngayo lo mdlalo, kodwa wavuma ukuthi iPirates ibifanelwe ukuwina.

OLUNYE UDABA: Ele-PSL lizomemezela abaphathi abasha

"Sidlale kahle. Umdlalo besiwuphethe kodwa uma ungawasebenzini amathuba futhi nomdlalo ulawulwa ngunompempe onjengalona kubanzima kakhulu,” kusho uMcCarthy kwi-SuperSport TV.

"Ekugcineni kwakho konke kunqobe iqembu elidlale kahle. Bayiqembu eliseqophelweni eliphezulu. Banabadlali abasheshayo phambili.”

"Ngeshwa, ngesikhathi sidlala neKaizer Chiefs, sasidlala kahle futhi kodwa ezindaweni ezibalulekile, abafana babebukeka benokutatazela, behluleka ukushaya igoli. Uma ungalishayi igoli, awuwini imidlalo.”

- KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...