UKekana noNxumalo eqenjini likaMashaba

2016-03-10 12:29

Cape Town – Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba umemezele isikwati sabadlali abangu-25 abazomela iNingizimu Afrika emilenzeni emibili yemidlalo yokuhlungela i-AFCON 2017 elizoyidlala neCameroon.

Umlenze wokuqala lizowudlala eStade Omnisports de Limbe ngoMgqibelo, Mashi 26 kanti kulindeleke uqale ngo-16:30 ngokwesikhathi sakuleli.

NgoLwesibili, Mashi 29, i-Indomitable Lions izolibhekisa eThekwini izodlala umlenze wesibili.

Funda nalolu daba: IDonws ifuna owePirates azovala esikaBen 10 - Umbiko

Umdlalo kulindeleke uqale ngo-19:00 eMoses Mabhida Stadium.

Leli yiqembu lokuqala likaMashaba ku-2016.

Okwamanje iBafana ilele emsileni eqoqweni layo. Isikwati seBafana Bafana simi kanje:

Onozinti: Itumeleng Khune, Jackson Mabokgwane noDarren Keet 

Abadlali basemuva: USiyabonga Nhlapo, Asavela Mbekile, Anele Ngcongca, Thabo Matlaba, Cheslyn Jampies, Eric Mathoho, Sifiso Hlanti, Rivaldo Coetzee, noThulani Hlatshwayo 

Abadlali basesiswini: Andile Jali, Kamohelo Mokotjo, Thulani Serero, Themba Zwane, William Twala, Jabulani Shongwe, Mpho Makola, Mandla Masango, noHlompho Kekana.

Abagadli: Thamsanqa Gabuza, Prince Nxumalo, Tokelo Rantie, noDino Ndlovu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...