UKaputeni we-Australia nesekela lakhe bazokwehla ezikhundleni

2018-03-25 12:35

eKapa - USteve Smith noDavid Warner bazokwehla ezikhundleni zabo zobukaputeni kanye nephini likakaputeni ngomdlalo wesithathu we-Test njengoba bedlala neNingizimu Afrika.

Lokhu kuvezwe ngabe-Cricket Australia ngeSonto njengoba lusaqhubeka uphenyo mayelana nokukhwabanisa ibhola.

UTim Pain nguyena ozobamba isikhundla sobukaputeni njengoba kuqhubeka lomdlalo eNewlands, kusho uJames Sutherland oyisikhulu seCricket Australia.

OLUNYE UDABA:'Isangasithatha isicoco se-CAF Champions League iDowns'

"Ngemuva kwezingxoxo esibenazo noSteve Smith kanye noDavid Warner bavumile ukuba bazokwehla ezikhundleni zabo kuze kuphele lemidhalo,"kusho uSutherland.

USmith uthe ufikelwe ngamahloni futhi walivuma icala leqembu lakhe ngemuva kokuba babekwe icala lokuzama ukushintsha isimo sebhola, kodwa uthe ngeke agudluke ekubeni yi-skipper.

UCameron Bancroft, okunguyena mdlali omncane kunabo bonke uyena obekwe icala ngabe-International Cricket Council (ICC) nokuyicala lokuzama ukuguqula isimo sebhola okudlalwa ngalo ngokusebenzisa itheyiphu nangokulihlikihla ematsheni.


- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...