Ukaputeni uvikela umqeqeshi ngokungenzi kahle kwekilabhu

2017-11-04 14:57

Johannesburg - Ukaputeni weBidvest Wits uThulani Hlatshwayo usezwakalise ukweseka umqeqeshi wakhe, uGavin Hunt, njengoba ethi nabadlali kudungeka basolwe ngokungenzi kahle kweqembu kule sizini.

Ungaphika ukuthi iWits ithathe isicoco seligi ngesizini edlule, kodwa njengamanje ilele kunombolo 15 kwiligi ngamaphuzu angu-8 emidlalweni engu-8.

Kulezi zinsuku uHunt uthe ukugxekwa okhulu ngabalandeli ngendlela edlala ngayo iWitskanti iningi labo lifuna axoshwe.

Kodwa uHlatshwayo uyamvikela lo mqeqeshi, njengoba ethi akusho okushintshile ngomqeqeshi.

OLUNYE UDABA: UMosimane ukholelwa ukuthi uQalinge angayisiza iBafana

"Siyiqembu – sihlulwa ndawonye, siwina ndawonye," kusho ukaputeni.

"Asiyiqalanga kahle isizini, sakhishwa nakwi-MTN8 kodwa usenguyena loya mqeqeshi owanqoba isicoco seligi.

"Kuzomele siqinisekise nje ukuthi siyaqhubeka nokulwa, singaliphosi ithawula. Kuthiwa inhlanhla ayizifikeli kodwa kumele uyisebenzele.”

IWits emdlalweni olandelayo izobhekana neBaroka koweTelkom Knockout  eBidvest Stadium ngoMgqibelo ebusuku, ngo-20:15.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...