Ujoyina iCeltic obekulindeleke asayine kwiChiefs

2018-01-03 12:35

Johannesburg - USiphelele Ntshangase uzojoyina iBloemfontein Celtic, hhayi iKaizer Chiefs njengokuba bekulindelekile, ngokusho kwesikhulu seBaroka FC.

UNtshangase bekulindeleke ajoyine iChiefs kuleli sonto ngemuva kokuba ikilabhu yaseLimpopo ikuqinisekisile ukuthi ibenezingxoxo neChiefs ngokuthola lo mdlali ‘bavumelana’.

Nakuba kunjalo, sekwenzeke obekungalindelekile njengoba isicelo seChiefs singaphumelelanga, nalo mdlali amabombo esewabhekise kwiCeltic.

Izolo ngoLwesibili kubikwe ukuthi uNtshangase kulindeleke asayine inkontileka neChiefs maduzane.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi woSuthi ukhala ngewindi langoJanuwari

“Yebo, isivumelwano sokuya kwiChiefs sesihoxisiwe,” kusho uKhurishi Mphahlele etshela iSoccer Laduma.

“Uselibhekise kwiCeltic, ngemuva kwesivumelwano sokushintshana ngabadlali,” kusho uMphahlele.

Kodwa akafunanga ukwenaba mayelana nokuthi yimuphi umdlali ozoza kubona.

“Ngeke ngikwazi ukusho okwamanje. Sisematasa silungisa amaphepha,” kuqhuba isikhulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...